Umqeqeshi wePirates uthi akamsoli unozinti ngokwenzekile

2017-11-02 12:31

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin 'Micho' Sredojevic uthi ngeke ambeke icala unozinti uWayne Sandilands ngokuhlulwa kwabo yiMamelodi Sundowns ngoLwesithathu ebusuku.

IPirates iguqiswe yiDowns ebibonakala ingagayelwe mphako, ngesikhathi iDowns inqoba lo mdlalo ngo-3-1 kulo mdlalo obuse-Orlando Stadium. IDowns iqede ishobolo lokuhlulwa imidlalo emithathu ilandelana, kubika iKickOff.com.

USredojevic uvumile ukuthi ezakhe zitatazele kakhulu kulandela ukungena kwamagoli amabili kaHlompho Kekana, wabe esechaza nangokugembula akwenzile okuholele ekutheni iDowns ifake igoli lesithathu.

"Amagoli amabili angene umdlalo usanda kuqala asilimaze kakhulu. Kuyaye kube ngcono uma sijaha igoli elilodwa, kepha kuba nzima ukuzama ukucisha amagoli amabili," kusho uMicho.

OLUNYE UDABA: Kuhlomulise omunye umdlali weSundowns ukuhamba kosayinwe iPirates

"Bekungekho esingakwenza ngaphandle kokuthi sihlasele, safaka negoli ngesikhathi esifanele. Abafana bazamile impela ngesiwombe sesibili.

"Sibe sesigembula ngasekupheleni komdlalo. Umdlalo ubungaphela ngo-2-1 ukuba uJustice Chabalala simgcine emuva kepha besifuna ayodlala phambili noThamsanqa Gabuza ngoba bekukhona ebesikuzama.

"Ukube asizange sizame besizozisola ukuthi asizamanga ngani," esho.

UMicho uthe ngeke ambeke cala uSandilands ngoba akusona isitayela sakhe leso.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...