Umqeqeshi wePirates uthi iseqophelweni eliphezulu iPolokwane City

2017-11-03 14:00

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMicho Sredojevic usechaze iPolokwane City njengekilabhu eseqophelweni eliphezulu ngaphambi komdlalo wabo we-Telkom Knockout ozoba se-Orlando Stadium ngoMgqibelo ebusuku.

ICity ikhombise ukuba yinkinga emakilabhini amathathu athathwa njengamakhulu kuleli kule sizini njengoba yashaya iMamelodi Sundowns yaphinde yadlala ngokulingana nePirates kanye neKaizer Chiefs emidlaweni yeligi.

Ngesikhathi iBhakabhaka lidlala neCity ngoSepthemba lashaya igoli usuzophela umdlalo ukuze babambane ngo-2-2.

OLUNYE UDABA: UThobejane umile kwelokuthi bazothatha isicoco seligi

“IPolokwane iyikilabhu eseqophelweni eliphezulu. Ikukhombisile lokho ngokushaya iSundowns ePitoli nangokubambana nathi kanye neChiefs,” kusho uSredojevic, ozobe efuna umphumela ongcono kulandela ukushaywa yiDowns ngo-3-1 koweligi ngoLwesithathu.

Lo mqeqeshi uthi nokho ugculisekile ngendlela ezakhe ezidlale ngayo emidlalweni yokuqala eyishumi yeligi kule sizini, kodwa uyavuma ukuthi bebengenza kangcono ngemiphumela abayitholile.

Banamaphuzu angu-14 kanti basanqobe kuphela imidlalo emithathu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...