Umqeqeshi weBhakajuju uthokoze kakhulu ngemiphumela yangeSonto

2017-11-27 09:32

eGoli - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic uthokoze kakhulu ngokuthi iqembu lakhe likwazile ukuqoba umdlao wokuqala ngemuva kwemidlalo eyisithupha ilingawini.

IBhakajuju ishayi iBloemfontein Celtic 1-0 emdlalweni obuseFree State okokuqala ngqa eminyakeni engu-9, kanti leli nqaku lishaywe wuMusa Nyatama owayedlalela sona iSiwelele.

IBhakajuju isikhuphuke yayohlala endaweni yesibili ilandela iBaroka FC esinesikhathi inethezekile phezulu.

OLUNYE UDABA:Ibingekho ebifuna ukugoba uphondo ePeter Mokaba izolo

Lo mqeqeshi odabuka eSebia uthi lomphumela uzonikeza abadlali bakhe ugqozi lokuba badlale ngokukhululeka futhi babe nokuzethemba.

"Ngicabanga ukuthi siwuhlele kahle lo mdlalo kusukela ngoLwesibili. Umdlalo besiwuhola ngokujwayelekile futhi sikhanda namathuba amahle kakhulu," kusho uMicho engxoxweni yakhe nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo. 

Uthi basebenze ngokukhulu ukuzikhandla ukuza bangazikhathazi ngokuthi isiminingi imidlalo abayidlale ngaphandle kokuwina, kubika iKick Off.

"Ngikholwa wukuthi ukuwina kwenza nemilenze ikhululeke sikwazi ukudlala kahle ibhola. Kubalulekile ukuvimba, singalivumeli leli elinye iqembu ukuba lithole amathuba okugadla," kuqhubeka yena.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...