Umqeqeshi weBaroka uthi bafundile emaphutheni omdlalo neChiefs

2017-03-20 18:01

Cape Town – Omunye wabaqeqeshi beBaroka FC, uMilton Dlamini, ukholwa ukuthi leli qembu elisengcupheni yokudliwa yizembe lizofunda emaphutheni alo kulandela ukungenelwa amagoli awubudedengu ngesikhathi libambana ngo-2-2 neKaizer Chiefs.

Leli qembu elihleli emsileni ku-log ye-Premiership kudingeke ukuba lilandele ngemuva izikhawu ezimbili ngesikhathi litholene phezulu nalezi zinkunzi zaseSoweto enkundleni yezemidlalo iPeter Mokaba Stadium ngoMgqibelo kusihlwa, nalapho ligcine litakulwe uMxolisi Kunene, ovele waqonda abadlali beChiefs waze wabhekana nonozinti, maqede walivalela enethini.

Kodwa-ke uDlamini, noqeqesha ngokubambisana noKgoloko Thobejane, ukholwa ukuthi basenalo ithuba lokuvika izembe, uma ngabe leli qembu elingenaso isipiloyoni esingakho lingakwazi ukufunda izinto ngokushesha.

OLUNYE  UDABA: Selokhu yabakhona iBaroka ayikaze yehlulwe yiChiefs - Thobejane

“Inhloso yethu ukushaya amagoli. Namuhla sishaye amagoli, ekhaya. Ngakho manje sesiyazi sinethuba lokuwina umdlalo,” lo mqeqeshi owayeqeqesha iMbombela usho kanjalo.

“Ngoba uma ushaya amagoli usethubeni [lokuwina], kodwa uma ungashayi amagoli, uvele uvike into engekho, bese ungawunqobi umdlalo. Ngakho asinandaba nomphumela kodwa sishaye amagoli namhlanje.

“Kwesinye isikhathi ukungabi naso isipiliyoni kungakubulala ngoba besinomdlalo ezandleni zethu (ngemuva kokuthi silinganise okokuqala), siphuthwe amathuba awoqekelele sase sibapha amagoli amabili.”

Mayelana nephenathi etholwe yiChiefs, uthi kube ngenxa yokuhluleka kwabo ukugxila emdlalweni, wathi kodwa bazofunda kulokho. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Sunny. Cool. Pta: 7-22°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 4-20°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 15-23°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...