Umqeqeshi weBaroka usanethemba ngokuthatha isicoco seligi

2018-01-23 11:00

Johannesburg - Umqeqeshi weBaroka uKgoloko Thobejane uthi akekho umdlali abasazomsayinisa ngoJanuwari ngoba ucabanga ukuthi unabadlali abanele ukuba bangayethula esicongweni iMamelodi Sundowns.

Iqembu likaThobejane lethuse abaningi liqala kahle isizini, kodwa ukwehlulwa kwalo ngo-2-1 yiKaizer Chiefs ngempelasonto kubenze bayohlala endaweni yesikhombisa ngamaphuzu angu-25 emidlalweni engu-18 – nokusho ukuthi isilandela iSundowns ngamaphuzu angu-9.

IBakgaga isayinise umdlali wasemuva kuphela, uKhutso Mohwatseleng, obedlala eqenjini elidlala kwi-ABC Motsepe League iBaberwa FC ngoJanuwari, yalahlekelwa uSiphelele Ntshangase ojoyine iChiefs.

UThobejane usanethemba lokuthi bangasithatha isicoco seligi.

OLUNYE UDABA: Uxwayisa abadlali basemuva beChiefs oweBaroka

"Cha, asisazimisele ngokusayinisa abanye abadlali,” kusho uThobejane etshela iKickOff.com.

"Ngeke sisasayinisa muntu, sigculisekile ngesinakho.

"Sihubhana neSundowns. Kuzomele siyihubhe iSundowns nakuba siphinde salahla amaphuzu amathathu izolo [ngeSonto]. Kodwa sinaso isikwati.”

Emdlalweni olandelayo iBaroka izobhekana neGolden Arrows ngeSonto.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...