Umqeqeshi uzihoxisile izikhalazo zakhe kulandela ukudliwa koweTelkom

2017-11-13 14:00

EThekwini - Umqeqedhi weChippa United uTeboho Moloi usewahoxisile amazwi akhe aziswana awasho ngemuva komdlalo wabo neKaizer Chiefs.

Lo mqeqeshi wayengaphathekile kahle ngemuva kokushaywa amaKhosi ngo-1-0 emdlalweni we-Telkom Last 8 enkundleni iNelson Mandela Bay ngeSonto mhlazingu-5 kwephezulu.

Ngokusho kwakhe uMoloi uthi: “Ngithanda ukukuhoxisa engakusho ngemuva komdlalo wethu neKaizer Chiefs nesikhathi ngiphawula ngezinsuku zami ngisadlalela i-Orlando Pirates (phakathi kuka-1987no-1992). Ngaphawula ngokungafanele, amaphaphu esaphezulu kakhulu."

OLUNYE UDABA: Abathandi bebhola bazoyithokozela imititilizo yokuvotela ama-PSL Awards

Lomqeqeshi watshela abe-SuperSport TV ukuthi: "Angivamile ukukhalaza ngonompempe noma ukusingathwa komdlalo. Ngiseyingane esakhasa futhi ngisemusha kule ndima, ngakho-ke ukukhalaza ngokusingathwa komdlalo akungifanele okwamanje.

“Angizukukhalaza, kodwa engingakusho wukuthi ngikhumbula ngisadlala ngeminyaka ka-1987 kut ku-1992, uma sidliwa yiKaizer Chiefs yayisidla ngayo le ndlela.”

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 19-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-27°C Numerous showers. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 22-28°C Showers late. Haze. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...