Umqeqeshi uthi lizoshona esengumdlali wabo owachithwa yiChiefs

2017-09-05 16:00

Johannesburg - Umqeqeshi weFree State Stars uLuc Eymael uthi ikilabhu izosayinisa owayengumgadli weKaizer Chiefs u-Edward Manqele namhlanje.

UManqele, obengasenalo iqembu, ubelokhu ezilolonga neStars kusukela ngoJulayi, kulandela ukudedelwa yiChiefs ngo-Ephreli ngemuva kweminyaka emibili engamhambelanga kahle eNaturena.

"Yebo, kuzophothulwa konke namhlanje," kuqinisekisa u-Eymael ekhuluma neKickOff.com ngesikhathi ebuzwa ukuthi uManqele uzosayiniswa yini.

OLUNYE UDABA: Uthi ukulungele ukuthatha izintambo zokuqeqesha uMashaba

Lo mdlali oneminyaka engu-30 ubudala wayedlala ibhola eliseqophelweni eliphezulu ngesikhathi ekwi-Ea Lla Koto ngo-2011/12 lapho ashaya khona amagoli angu-11 emidlalweni engu-29.

Khonamanjalo, le kilabhu yaseBethlehem ngoMsombuluko isayinise uPatrick Phungwayo osanda kushiya i-Orlando Pirates.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...