Umqeqeshi uthi akafuni ukukhuluma ngonondweba ngoba uzojeziswa

2017-11-09 14:00

Johannesburg - Umqeqeshi weFree State Stars uLuc Eymael uthi ukhetha ukungakhulumi ngonondweba be-PSL ngoba akafuni ukujeziswa, kodwa ukholelwa ukuthi ikilabhu yakhe ayinikezwa inhlonipho eyifanele.

Lo mqeqeshi odabuka eBelgium ucasuke kabi ngemuva kokuba unozinti uBandra Sangare edudulelwe phansi ngaphambi kokuba iCape Town City ishaye igoli lokuwina emdlalweni weligi odlule, nokuyinto akholelwa ukuthi yenzele phansi iqembu lakhe okwesibili imidlalo ilandelana.

Uthi izinqumo eziningi ezingezinhle ezithathelwa iqembu lakhe kazinakwa kakhulu ngenxa yokuthi imidlalo yeStars kayivamile ukuboniswa kumabonakude.

OLUNYE UDABA: I-SAFA izohlawulela uZungu

“Angifuni ukukhuluma,” esho. “Okokuqala, mayelana neFree State Stars, abayivezi yonke imidlalo yethu. Abakaze bayihlaziye imidlalo yethu kuSuperSport – kuze kube yimanje. Kuyakhombisa ukuthi uFree State Stars iyikilabhu encane kakhulu kwabanye abantu.

“Kodwa kangifuni ukukhuluma ngonondweba – unamehlo nawe uyazibona izinto. Ngihlale ngizihlaziya ngokwethembeka izinto. Kodwa uma ngikhuluma, ngizojeziswa.”

Emdlalweni olandelayo iStars izobhekana neChippa United ngomhlaka-22 Novemba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...