Umqeqeshi usekhulumele uManyisa wathi akangafakelwa ingcindezi

2016-10-20 08:02

Durban – Umqeqeshi we-Orlando Pirates usevikele u-Oupa Manyisa kulabo abamgxekayo, wathi abamnikeze isikhathi kwazise usanda kubuyela ejokeni kulandela ukulimala iqakala.

UMuhsin Ertugral uthe kubalulekile ukuthi uManyisa anakekelwe ngoba usanda kubuya ekulimaleni, kubika iSolezwe.

“Abantu kumele bakuqonde ukuthi lezi zinto zithatha isikhathi. Ngeke athi efika nje abe esesefomini enhle abonakale ezulazula yonke inkundla,” esho.

OLUNYE UDABA: Izindaba ezinhle ngo-Oupa Manyisa

Uthe bekuzoba lula ukuthi uManyisa aqale ebhentshini, kepha wathi lokho bekuzomehlisa ukuzethemba agcine engasenzi kahle.

“Ngicabanga ukuthi kubalulekile ukuthi singamfakeli ingcindezi engenasidingo. Mina ngenelisekile ngefomu yakhe okwamanje, kothi kushaya uNovemba abe eseluleme ngokugcwele,” esho.

IPirates izotholana phezulu neGolden Arrows koweLast 16 weTelkom Knockout ngeSonto e-Orlando Stadium.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...