Umqeqeshi ufuna abadlali bakhe babenjengotsotsi

2017-02-28 12:30

Johannesburg - Umqeqeshi weBaroka FC uKgoloko Thobejane uthi abadlali kumele bahlakaniphe “njengotsotsi".

IBakgaga isidlale imidlalo engu-14 ingawini kuyona yonke imiqhudelwano, nokuyibeke emsileni weligi ngamaphuzu angu-13 emidlalweni engu-19.

UThobejane usanda kubuyela ekuqeqesheni leli qembu kulandela ukumiswa kukaJacob Sakala nethimba lakhe, kanti uthole isibhaxu sika-5-0 bedlala neBidvest Wits baphinde bathola esika-3-0 bedlala neCape Town City.

UThobejane, onyusele leli qembu kuPSL ngesizini edlule, uzama ukulungisa izinkinga.

"Yebo, yazi uma iqembu lingenzi kahle njengethimba labaqeqeshi kumele nihlale phansi nizame ukuqhamuka nesisombulo,” kusho uThobejane kwiKickOff.com.

OLUNYE UDABA: IWits isimdedele umdlali  'ebigoloza naye'

"Ukushintsha njalo udonga lwasemuva akukuhle. Singenelwe amagoli ayisihlanu sidlala neWits namanye amathathu (sidlala neCape Town City). Lokho akukuhle, amagoli amahlanu namathathu, lokho kusho ukuthi singenelwe amagoli angu-8 emidlalweni amibili.”

Uthe akukhona ukuthi abanalo iqembu kodwa inkinga ukuthi abadlali babo ‘abahlakaniphile’.

“Ngesikhathi ngisadlala ibhola, kunendoda endala eyangitshela ukuthi njengomdlali webhola kumele ubenjengotsotsi. Uma belindele ukuthi uzoya ngakwesokukudla…uye ngakwesobunxele. Akumele uvele ujike singekho isizathu.”

IBaroka emdlalweni olandelayo izobhekana nePolokwane City ePeter Mokaba Stadium ngeSonto.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...