Umqeqeshi ophebeza amahlebezi amyamanisa neBafana

2017-03-11 15:42

Cape Town - UGavin Hunt umile kwelokuthi ukuyamaniswa kwakhe nesokuqeqesha iBafana Bafana akumphazamisi nakancane ekwenzeni umsebenzi wakhe, wathi nokho kodwa la mahlebezi "aseyakhathaza”.

UHunt ubonwa ngabaningi njengayona ndoda engafike ingene ithi khaxa ezicathulweni zikaShakes Mashaba yize ethi inhlangano eyengamele ezebhola likanobhutshuzwayo kuleli, iSouth African Football Association, ibingakaze imthinte mayelana nomsebenzi.

Baningi abanye abaqeqeshi abayamaniswa nalesi sikhundla, okubalwakubo oCarlos Queiroz, Herve Renard noHugo Broos.

OLUNYE UDABA: ISAFA imise umqeqeshi weBafana Bafana

Ekhuluma ngaphambi komdlalo weBidvest Wits ne-Al Ahly kowe-CAF Champions League, uHunt uthe: “La mahlebezi awangiphazamisi nakancane emsebenzini wami.

“Kusobala ukuthi i-Safa yenza izinto ngendlela yayo, kanti engingakusho nje ukuthi akekho umuntu oseke wakhuluma nami ngalo msebenzi. Kona kuyakhathaza uma amahlebezi ezolukhu ethushuke njalo.”

Ekhuluma ngokutholana phezulu nezikaFaro, uthe “Bayiqembu elikhulu nelihlonishwayo, engingakusho nje ukuthi abadlali bami sekunesikhathi bewulangazelele lo mdlalo.”

Eminye imibiko esand akuvela ithi uStuart Baxter naye umataniswa nesokuqeqesha iBafana kulandela ukuthi izingxoxo phakathi kweSafa noHerve Renard zingahambanga kahle ngenxa yemali.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 5-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: -4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 6-17°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...