Umqeqeshi omusha weBafana uselaxaze uDa Gama

2017-05-28 14:00

Durban - Usekhululiwe emsebenzini wakhe wokuba wumsizi woMqeqeshi weBafana Bafana nokuba wumqeqeshi we-Under 23 u-Owen Da Gama.

Lokhu kuvezwe wumqeqeshi omusha weBafana Bafana uStuart Baxter ngempelasonto, kubika iDaily Sun.

UDa Gama waqashwa ngoJulayi 2014 esasebenzisana nomqeqeshi omkhulu u-Ephraim “Shakes” Mashaba. 

UBaxter uthe ufuna ukuzikhethela elakhe ithimba azosebenzisana nalo.

OLUNYE UDABA:Sekuseduze amenyezelwe umqeqeshi omusha weBafana

Echaza kabanzi ngalolu daba uthe: “Akukho okubi engikuhlosile ngalokhu. Kodwa ngeke kungilungele ukuthi ngisebenze nomuntu owafika kuqala kunami kulo msebenzi.”

Amagama afana nelikaSteve Komphela kanye noRoger de Sa ake ahlongozwa yize uBaxter ethi: “Singabiza inqwaba yamagama ,kodwa eqinisweni ngingathanda ukusebenzisana noSteve uma etholakala, kodwa okwamanje usanenkontileka neKaizer Chiefs.”

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...