Umqeqeshi omusha weBafana: Asemabili amagama asele

2017-03-01 14:01

Cape Town – Inhlangano eyengamele ibhola lakuleli, iSouth African Football Association (SAFA) kubikwa ukuthi isifinyeze uhlu lwabaqeqeshi okuzekhethwa kubo oweBafana Bafana lwaze lwafika kwababili.

Ngokombiko weSowetanLIVE, uHerve Renard kanye noCarlos Queiroz sekuyibona kuphela abaqeqeshi abasele nokuzokhethwa kubo umqeqeshi omusha weBafana.

Kuyimanje uRenard ungumqeqeshi weMorocco, kanti ngakolunye uhlangothi inkontileka kaQueiroz ne-Iran ayizange ivuselelwe.

Kubikwa ukuthi uQueiroz, nosake waqeqesha iBafana phakathi konyaka ka-2000 kanye no-2002, uyena oyintandokazi yeSAFA.

Kodwa-ke uRenard uyena ongase adle umhlanganiso uma ngabe i-SAFA ihluleka ukuhlangabezana nezimfuno zikaQueiroz.

I-SAFA kuzofanele izilungiselele ukuhlukana no-R20m uma ngabe ifuna ukwenza isivumelwano noQueiroz njengoba leyo kuyimali eyayiholwa yilo mqeqeshi owayengumsizi kamqeqeshi weManchester United njengomqeqeshi we-Iran.

Imibiko ithi abameli baQueiroz bazofuna ukuthi iSAFA ikhiphe imali elingana nale noma bakhiphe engaphezu kwale abeyihola eMiddle East.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini kuleli sonto, okhulumela i-SAFA, uDominic Chimhavi, udalule kuSport24, ukuthi lo soseshini sekusele kancane ukuthi umemezele umqeqeshi omusha.

IBafana Bafana ibilokhu ingenamqeqeshi kusukela ngoDisemba kunyaka ka-2016 kulandela ukuthi i-SAFA yakhomba indlela lowo owayengumqeqeshi, uShakes Mashaba.

Inhlangano yebhola kuleli kulindeleke ukuthi yenze isimemezelo ngaphambi kokuthi kuphele leli sonto.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Cool. Pta: 14-28°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...