Umqeqeshi akeneme ngokuthi bazophinde badlale ekuhambeni koweNedbank Cup

2018-04-03 11:00

Johannesburg - Umqeqeshi weFree State Stars uLuc Eymael ukholelwa ukuthi ikilabhu yakhe ibenebhadi lokuphinde iqhathwe ukuba idlale ekuhambeni kowandulela owamanqamu eNedbank Cup.

IStars, esidlale ekuhambeni kabili namaqembu agijima ku-National First Division, Ubuntu Cape Town neSuper Eagles koweNedbank Cup, iqhathwe ukuba idlale neKaizer Chiefs ekuhambeni nakowandulela owamanqamu.

IMaritzburg United yona iqhathwe ukuba ibhekane neMamelodi Sundowns komunye umdlalo njengoba sekusele amakilabu amane kulo mqhudelwano.

I-Ea Lla Koto ngesikhathi idlala no-Ubuntu eKapa ngoMgqibelo iwine ngemuva kokuba sekushaywe amaphenathi.

OLUNYE UDABA: UKomphela ufuna isicoco seNedbank

"Yebo, kube umdlalo onzima ngemuva kokuba uye kwi-extra-time nakumaphenathi, kodwa okubalulekile ukuthi sikwazile ukudlulela phambili,” kusho u-Eymael etshela i-KickOff.com.

"Ngeshwa siqhathwe neChiefs, esidlale yonke imidlalo yayo yeNedbank Cup ekhaya. Kuyadumaza.”

Ngaphambi komdlalo owandulela owamanqamu, i-Ea Lla Koto izobhekana neChiefs koweligi eBethlehem ngoLwesithathu. iStars isendaweni yesine kwilogi kanti iChiefs ilandela bona.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...