Umphathi weqembu lamaZulu uhlela indumezulu, ukuhlonipha uMntwana

2017-04-12 07:00

Durban - Umphathi weqembu lamaZulu uLunga Sokhela uhlela indumezulu yomcimbi wezemidlalo enkundleni yezemidlalo oLundi.

Lo mcimtiswano obizwa ngePrince Mangosuthu Legacy Cup, uhlelelwe ukuqhakambisa umlando weqembu lamaZulu ngokuhlonipha amaqhawe aba nesandla entuthukweni yaleli qembu.

USokhela uthi bathole isifundo esibalulekile njengoba iqembu lakhe lisadwanguza ehlathini kanti lokhu yikhona okubenze bafisa ukukhumbula emuva lapho abaqala khona.

Lo mphathi waleli qembu uthi bakhethe ukusebenzisa lo mcimbi ukuze bahloniphe uMntwana wakwaPhindangene ngeqhaza lakhe, hhayi kwezombusazwe kuphela kuleli qembu futhi nasezweni lonkana.

USokhela ukholwa wukuthi kubalulekile ukubungaza umlando waleli qembu yize lisehlathini okwamanje.

“Uma usungasayiboni kahle indlela eyaphambili, kubalulekile ukuthi ubuyele emuva lapho owaqala khona.

“Ngicabanga ukuthi yilapho esibheke khona nathi siyiqembu, siyadinga ukubuyela emuva sizikhumbuze ngokuthi saqala kuphi ukuze sakhe nomdlandla ebantwini ababenathi kusukela ekuqaleni,” kusho uSokhela.

OLUNYE UDABA:AmaZulu aseqoke umqeqeshi omusha

Ukuhlelela lo mcimbi iqembu lamaZulu lihlanganise imali elinganiselwa ku-R128 000 yokuxhasa ingqalabutho yaleli qembu uCedric 'Sugar Ray' Xulu njengoba elwa nesifo somdlavuza.

USokhela uchazi uSugar Ray njengengqalabutho yaleli qembu kanti abadlali abebedlala ngezikhathi zakhe yibona abaqinisekisa impumelelo yaleli qembi, yize isiya ngokufiphala.

Uthi bayayidinga impumelelo efana naleyo eyalabo asebathatha umhlala phansi ebholeni.

USokhela uqhubeke wathi usebonile ukuthi into ebakhiphe ku-PSL wukuthi bebengenaso isisekelo esiqinile.

Njalo ngonyaka kuthengwa abadlali abasha, kudedelwe abanye futhi sasihleli sibambe umoya singazi ukuthi ikusasa lisiphatheleni.

“Sasiphila ngokubamba umoya sisaba ukugawulwa yizembe, manje njengoba sesilapha, ngikholwa wukuthi yisikhathi esihle sokuthi sakhe isisekelo

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-25°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 15-26°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Decreasing cloudiness. Warm. PE: 16-25°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...