UMphahlele ukholelwa ukuthi basasembangweni wesicoco seligi

2018-03-16 12:32

Johannesburg - Umdlali wasemuva weKaizer Chiefs uRamahlwe Mphahlele uthi ikilabhu yakhe isangasithatha isicoco seligi, nakuba emancane amathuba.

Amakhosi azenzele izinto zanzima ngesikhathi ehlulwa ngo-3-1 yi-Orlando Pirates ekuqaleni kwenyanga, kanti manje asele ngamaphuzu angu-8 kwiMamelodi Sundowns esesicongweni.

Ngesikhathi ebuzwa ngamathuba amancane eChiefs okuthatha isiscoco seligi, lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala uzwakale enethemba elihambisana nokungabaza.

UMphahlele uthe okumele ikwenze nje iChiefs ukuba iyiwine yonke imidlalo yayo, ihlalele ethembeni lokuthi iSundowns kunemidlalo ezolahlekelwa kuyona amaphuzu, kodwa futhi uzwakale enokungabaza ukuthi iSundowns isangashelela esicongweni.

"Siyabajaha kodwa kunzima okwamanje, ngoba sinamaphuzu amancane kunalabo abaphezulu,” kusho uMphahlele esekhaya leChiefs eNaturena ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Indodana yami ingcono kakhulu kunabanye abadlali abagijima kwi-PSL

"Kunzima [ukuhlala esicongweni] uma sikhuluma iqiniso, ngoba uyazi kunabantu abakulandelayo futhi abangakususa phezulu.

"Nayo [iSundowns] iyazi ukuthi i-Orlando Pirates iyabalandela, iMaritzburg United nayo ikhona, nathi sikhona kanjalo neFree State [Stars].

"Bangabantu bazoyizwa ingcindezi.”

"Ngakho nakuba kunzima ukulandela emuva, kunzima futhi nokuhlala esicongweni ngoba bonke odlala nabo bafuna ukwehlula iqembu eliqhwakele. Kodwa [iSundowns] inesipiliyoni," esho.

Amakhosi azosingatha AmaZulu eFNB Stadium ngoMgqibelo (18:00) kanti uMphahlele uthi akukho okumele bakwenze ngaphandle kokuwina.

- Sowetan Live

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...