UMotsepe uthi uzomdedela uPitso uma iBafana imfuna

2017-01-09 16:00

Cape Town – UMengameli weMamelodi Sundowns, uPatrice Motsepe, uthi uzomkhulula umqeqeshi waleli qembu, uPitso Mosimane, uma ngabe iSouth Africa Football Association (SAFA) imfuna ukuthi aqeqeshe iBafana Bafana.

Esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe ekomkhulu lale kilibhu ngoMsombuluko, uMotsepe ukhulume nabezindaba ngekusasa lale kilabhu kulandela unyaka ka-2016.

AmaBrazilians aqophe umlando ewina isicoco sesikhombsia se-Absa Premiership baphinde bawina nesicoco seCAF Champions League.

OLUNYE UDABA: UMotsepe uthi bazohlukaniselana u-R20m abadlali be-Sundowns

UMosimane ube esevala unyaka ngokuhola iqembu lakhe ngesikhathi livakashele eJapan njengoba leli qembu belibambe iqhaza emidlalweni yeFIFA Club World Cup, neyagcina inqotshwe yizinkunzi zaseSpain, iReal Madrid.

Ngaphezu kwalokho, lomqeqeshi oneminyaka engu-52 ubudala, nowayeqeqesha Bafana Bafana, uwuqale kahle unyaka ka-2017 njengoba eklonyeliswe yiCAF njengomqeqeshi wonyaka emcimbini obuseNigeria ngesonto eledlule.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngemuva kokunqoba iChampions League uMosimane waveza ukuthi ucingo lwakhe luhlale lukhala into engapheli yize noma engacacisanga ukuthi usuke efonelwa amaqembu amshelayo yini.

Manje uMotsepe uthi “uzomkhulula” lo mqeqeshi waleli qembu lasePitoli uma ngabe iSAFA ifuna athathe izintambo kuBafana.

“Ngizophinde ngenze umsebenzi wami wokweseka bese ngimkhulula uma ngicelwe yiBafana Bafana ukuthi ngenze njalo futhi ngemvume kaPitso,” uMotsepe ucashunwe esho kanjalo enkundleni yezokuxhumana iTwitter , yale kilabhu.

UMFANEKISO:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Mostly sunny. Mild. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...