UMotaung uthi uKomphela ubenezwi ekusayinweni kwabadlali abasha

2018-01-05 09:31

Johannesburg - Imenenja yeKaizer Chiefs uBobby Motaung ithi abadlali   abathathu ibasayinise ngemuva kokuxoxisana nomqeqeshi uSteve Komphela.

IChiefs ngoLwesine imemezele ukuthi usengowayo uSiphelele Ntshangase obedlalela iBaroka ngemuva kokuba esayine inkontileka yeminyaka emibili nengxenye.

Phambilini iChiefs isayinise uKabelo Mahlasela noLeonardo Castro.

Iqhaza likaKomphela ekusayinweni kwabadlali belingacaci kahle eminyakeni emibili nengxenye ekuleli qembu, kodwa uMotaung uthi ubenesandla ekusayinisweni kwalaba badlali.

OLUNYE UDABA: IBaroka ithi lizoshona elanamuhla esengoweChiefs uNtshangase

“Besilokhu sisebenza ngokuzikhandla emasontweni ambalwa edlule sixoxisana ngabadlali abasha sibasayinisa futhi,” kusho uMotaung kwi-website yeqembu.

“Bonke abadlali basayiniswa ngemuva kokuxoxisana nomqeqeshi uSteve Komphela kanye nethimba lakhe. Esikufanayo ukuba neqembu eliqinile elizokwenza kahle esigabeni sesibili sesizini nangemva kwalokho.”

Uphinde wamukela uNtshangase eNaturena, washo nokuthi abadlali ababatholile kuze kube manje bazojabulisa abalandeli.

UNtshangase, onikezwe ijezi elingunombolo 5, uthe kufezeke iphupho lakhe ngokujoyina amaGlamour Boys.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-24°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 11-22°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-25°C Morning clouds. Mild. PE: 12-22°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...