UMotaung uthi ikusasa likaMatoho liphephile kuChiefs

2017-01-17 11:33

Cape Town – Imenenja yeKaizer Chiefs, uBobby Motaung, uthi ikusasa lesitobha sale kilabhu, u-Eric 'Tower' Mathoho, liphephile kuleli qembu laseSoweto.

Lo mdlali weBafana Bafana ubelokhu ekhona esikwadini saMakhosi eminyakeni engu-5 eyedlule kusukela awajoyina evela kuBloemfontein Celtic.

 UMathoho, noseke wayamaniswa nokudlalela amaqembu aphesheya ngaphambilini, inkontileka yakhe eNaturena izophelelwa yisikhathi ngoJuni kulo nyaka.

OLUNYE UDABA: Umdlali weChiefs uchaze iqembu lase-Europe

Kodwa-ke uMotaung uyathemba ukuthi lolu daba luyobe seluxazululiwe maduzane kanti ukholwa ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala uzohlala nalezi zinkunzi zaseSoweto.

“Ngizokhuluma noMatoho kanye nommeli wakhe kuleli sonto, ayikho ingcindezi. Ikusasa lakhe [eqenjnini] liphephile,” uMotaung utshe i-website, iGoal.com.

Khonamanjalo, aMakhosi azilungiselela ukuqala kwemidlalo yePremiership ngenyanga ezayo njengoba ebheke ukulwela isicoco seligi.

IChiefs izobhekana neFree State Stars ngoLwesibili, ngomhlaka-7 kuFebhuwari, eFNB Stadium.

Lo mdlalo ozoqala ngo-19:30.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 7-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...