UMotaung uhalalisele ompetha beligi

2017-05-19 16:01

Johannesburg - USihlalo weKaizer Chiefs uKaizer Motaung usencome iBidvest Wits kulandela ukuthatha isicoco se-Absa Premiership, waphinde wabongela uGavin Hunt noDaine Klate.

IWits ithathe okokuqala isicoco seligi ngemuva kweminyaka engu-96 yasungulwa.

“Ngihalalisela amaClever Boys,” kusho uMotaung kwi-website yeChiefs. “Siyanibongela. Nisebenze kahle kusukela ekuqaleni, nokuholele ekuqophekeni komlando.

OLUNYE UDABA: Usasesibhedlela umqeqeshi weqembu le-PSL - Umbiko

“Impela lona ngumlando obalulekile kwiligi naseqenjini. Kuyamangaza ngoba kusukela yasungulwa iWits ngo-1921 ayikaze isithathe isicoco seligi.”

UMotaung uphinde wabongela usihlalo weqembu iWits, uBrian Joffe, kanye nabaphathi beqembu ngempumelelo yabo.

U"Chincha Guluva" akagcinanga lapho, uphinde wahalalisela uHunt ngokuthatha isicoco sesine seligi kanye noKlate ngokuthatha esesithupha.

- KickOff.com

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...