UMotaung udumele kodwa uthi ngeke baliphonse ithawula ngoKomphela

2018-01-02 17:58

Johannesburg - Isikhulu seKaizer Chiefs, uKaizer Motaung, ukhulume nabalandeli, wathi ngeke balilahle ithemba ngoKomphela nakuba bedumele ngemiphumela.

Usihlalo weChiefs ukhulume nangokudlula emhlabeni kowayengumqeqeshi wonozinti u-Alexandre Revoredo, wakhuluma nangabadlali abasha kanjalo nezindlela zokuthuthukisa abadlali abancane.

UMotaung uzwakalise ukudumala ngemiphumela ngaphansi kukaKomphela kodwa wathi abakalilahli ithemba.

OLUNYE UDABA: IChiefs ixoxisana neBaroka ngomdlali

“Inyaka ka-2017 ubengonzima kakhulu. Besinethemba lokuthi uSteve Komphela manje njengoba kuyisizini yakhe yesithathu izobe isibonakala imiphumela emihle, kodwa lokho akukenzeki.

“Sekuphele iminyaka engu-2.5 singawini nkomishi futhi lokho kuyadumaza. Kodwa ngeke siliphonse ithawula.

Kuyaqala ukuba iChiefs kuphele isikhathi eside kangaka yehluleka ukuthatha isicoco, kodwa njengoba kusanezicoco ezimbili ezisasele kule sizini, uKomphela usanethemba lokuphumelela.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...