UMosimane uthi usexolise inhliziyo ngokuhamba kukaBilliat

2017-11-25 15:05

Cape Town – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uveze ukuthi uzoqhubeka nokusebenzisa uKhama Billiat esikwatini sakhe uma eqhubeka nokwenza kahle.

UBilliat, 27, kulindeleke ukuba azishiye lezi zinkunzi zaseTshwane uma inkontileka yakhe isiphelelwa yisikhathi ekupheleni kwesizini, kanti lo mdlali odabuka eZimbabwe obalwa nabanye abanohlonze ku-PSL, ngeke aliswele ikhaya elisha.

ISuperSport United nezinkunzi zase-Egypt iZamalek, ngamanye amaqembu amabili asephumele obala azwakalisa ukuthi angathanda ukusayinisa lo mdlali owake wagijima ku-Ajax Cape Town man, kepha kubukeka sengathi lo mdlali uzimisele ngokuyofuna amadlelo aluhlaza e-Europe.

Yize kunjalo, umqeqeshi wakhe uMosimane usekhulume kabanzi ngesimo esiqhubekayo eChloorkop.

OLUNYE UDABA: Ngeke wawina konke - Pitso Mosimane

"UKhama (Billiat) angenza noma yini ayithandayo," esho etshela i-SABC Sport.

"Uma efuna ukuhlala, wamukelekile; uma efuna ukuhamba…vele inkontileka yakhe iyaphela. Sesikwamukele lokho saxolisa nezinhliziyo.

“Okwamanje kumfanele ukuthola indawo esikwatini esiqala umdlalo,” kunanela uMosimane.

“Kumele usebenze ngokuzikhandla ukuze uthole ithuba lokuqala umdlalo. Uma lesi sikwati osuke udlala ngaso senza kahle, kungani kumele usiguqule?”

UBilliat usefake amagoli angu-41 wasiza ekufakweni kwangu-37 kumaBrazillians kusukela awajoyina esuka kuma-Urban Warriors ngo-2013.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...