UMosimane uthi uncamela ukunqoba isicoco se-CAF kuneseligi

2017-05-15 10:48

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, usanda kuvuma ukuthi uncamela ukunqoba isicoco se-CAF Champions League kunese-Absa Premiership.

ISundowns okwamanje ilele endaweni yesibili ku-Absa Premiership njengoba iBidvest Wits isaqhwakele esicongweni.

Leli qembu laseChloorkop kule sizini alikathathi nesisodwa isicoco, kanti ngesikhathi ekhuluma kwi-website ye-CAF, uMosimane uthe uncamela ukudla umhlanganiso e-Afrika kunokuthatha isicoco se-PSL.

OLUNYE UDABA: Ukuphoxeka eNeturena iPolokwane City ishaya iChiefs

“Kunokunqoba iligi neNedbank Cup, ngincamela ukunqoba i-CAF Champions League neCAF Super Cup. Ekhaya singamane singawini lutho kodwa siwine i-FIFA Club World Cup ngoDisemba,” kusho uMosimane.

Uthe kuzobanzima nokho ukuthatha isicoco seCAF kulokhu ngenxa yokuthi amakilabhu amaningi aseyayazi iDowns.

ISundowns idlale ngokulingana nekilabhu yase-Ethiopia, iSaint George ngoMgqibelo.

- Soccer Laduma

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C High level clouds. Cool. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 16-33°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-29°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...