UMosimane uthi ngeke bayincenge iChiefs

2018-01-26 16:00

Cape Town - IMamelodi Sundowns izobe izimisele ngokuziphindiselela uma isivakashela iKaizer Chiefs kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo e-FNB Stadium.

Lo mdlalo uzoqala ngo-20:15. AmaBrazilians ehamba phambili kwilogi ngamaphuzu angu-34 emidlalweni engu-18 kanti amaGlamour Boys wona alele isithathu ngamaphuzu angu-29.

Kubukeka sengathi iChiefs kumele nakanjani iwunqobe lo mdlalo ukuze ivuselele ithemba lokuthatha isicoco, kanti ngakolunye uhlangothi iDowns nayo izinto kaziyihambeli kahle.

Kamuva iDowns ishaywe yiPolokwane City ne-Orlando Pirates.

OLUNYE UDABA: Asikwazi ukusola ikhefu ngendlela esidlala ngayo - Mosimane

"Kuyisifiso sami ukuthi ngidlale imidlalo emikhulu nginesikwati esinabadlali abanohlonze ukuze ngizozibeka ethubeni elihle," kusho umqeqeshi uPitso Mosimane.

Uthe nokho ngeke akhale kakhulu ngoba isikwati esahlulwa yiChiefs sasidlala kahle.

"Kumele sihlakaniphe uma sidlala neChiefs. Akumele sibe yinhlakanhlaka ngoba siyabazi ukuthi badlala kanjani. Ngiyawuthanda umdlalo omnandi onabadlali abahlaselayo.

"U-'Itu' (Itumeleng Khune)‚ angakhululeka ngoba mhlawumbe u(Jeremy) Brockie ngeke awuqale umdlalo."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...