UMosimane uthi iSundowns izosibuyisa isicoco seligi

2017-08-16 11:01

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ukholelwa ukuthi basangasibuyisa isicoco se-Absa Premiership esithathwe yiBidvest Wits ngesizini edlule.

Umdonsiswano ubuphakathi kukaMosimane nomqeqeshi weWits uGavin Hunt ngesizini edlule, kodwa ekugcineni amaClever Boys aphetha ngokusithatha okokuqala ngqa isicoco.

Ngesikhathi iKaizer Chiefs ithatha isicoco seligi ngesizini ka-2014/2015, uMosimane wathembisa ngokuthi bazosibuyisa, nangempela bakwenza lokho.

OLUNYE UDABA: UJonevret wehlulwa umsebenzini - Pirates

“Sihlale sizitshela ukuthi singasibuyisa [isicoco]. Sihlale sizitshela nokuthi singakwazi ukusivikela, kodwa sehlulekile ukwenza lokho ngesizini edlule. Ngicabanga ukuthi kodwa kuzomele sincome iWits ngoba yalwa kanzima ukuze isithathe,” kusho uMosimane.

Ngemuva kokukhishwa yiMaritzburg United emqhudelwaneni weMTN8 ngempelasonto, uMosimane uvumile ukuthi amaqembu amancane azowathwalisa kanzima amaqembu amakhulu kule sizini, kubika iKickOff.com.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...