UMosimane uthi akazithathi kancane izinsongo zeSuperSport

2016-11-05 09:02

Cape Town – Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi wazi kahle ngobunzima abangase bakuthwaliswe yiSuperSport United uma sebehlangana koweTelkom Knockout.

Abafana baStuart Baxter sebedlale imidlalo eyishiyagalombili bengahlulwa kuyona yonke imiqhudelwano, njengoba emdlalweni wabo wokugcina beshaye i-Orlando Pirates ngo-6-1.

OLUNYE UDABA: Umdlali wePirates usexolisile ngokuxabana no-Ertugral

Ngemuva kokuba yizingqwele ze-CAF Champions League, iDowns ishaye iPolokwane City kulo mqhudelwano womkhumulajezi.

“Ngicabanga ukuthi okwamanje sisajabule kakhulu kulandela ukunqoba i-CAF,” kusho uMosimane etshela iKickOff.com.

"Kodwa kuzomele sigawule sibheke ngoba iqembu esizobhekana nalo aligayelwe mphako kulezi zinsuku. ISuperSport igcwele ukuzethemba njengoba isada kuthela ngehlazo iPirates,” esho.

UMosimane usho kanje ngemuva kokuthi umdlali weSuperSport ueneilwe Letsolonyane ethe iDowns kukhona okusina kuyijeqeza uma izobazela ngobuso.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 11-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Early fog followed by sunny skies. Mild. Bloem: 8-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 15-25°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...