UMosimane usaba ishwa elihambisana nemidlalo esesandleni

2017-11-24 19:24

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane wazi kahle ukuthi imidlalo esesandleni iyingozi kanjani.

Ukudlala emqhudelwaneni wase-Afrika kwenze iSundowns yasalela emuva ngemidlalo yeligi kumasizini edlule, nakule sizini kwenzeke into efanayo njengoba ilandela iBaroka ngamaphuzu amathathu kodwa futhi inemidlalo emithathu esandleni.

'UJingles' uzama ukungabheki kakhulu phambili njengoba ezilungiselela umdlalo wabo neChippa United ongoMgqibelo ePort Elizabeth eNelson Mandela Bay Stadium ozoqala ngo-15:30.

AmaBrazilians, ashaye ngo-2-0 ompetha beligi iBidvest phakathi nesonto, azobe efuna ukuziphindesela kwiChippa eyabakhipha koweTelkom Knockout eSisa Dukashe Stadium.

OLUNYE UDABA: Ezinye izindaba eziphoxayo ngeBafana

“Imidlalo esesandleni ayisho lutho, angifuni ukukhuluma ngalezo zinto zingaze zingidalele amashwa,” kusho uMosimane kwi-website ye-PSL.

“Ngiyayihlonipha iBaroka FC neCape Town City, ngicabanga ukuthi iBidvest Wits isazobuya ngenxa yabadlali abaseqophelweni eliphezulu enabo.

“Ngiyayazi iSundowns, asivamile ukuqala kahle, asikaze siqale ngokuqhwakela esicongweni. Sinethemba kodwa lokuthi kulokhu sizoqhwakela phezulu. Sizodlala neChippa emdlalweni olandelayo, ngakho sigxile kubona.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...