UMosimane ukholelwa ukuthi uQalinge angayisiza iBafana

2017-11-03 16:01

Johannesburg - Umdlali we-Orlando Pirates uThabo Qalinge akusekude abizwe eqenjini lesizwe, iBafana Bafana.

Lawa ngamazwi kalowo owayeqeqesha iBafana uPitso Mosimane, otuse uQalinge noThembinkosi Lorch ngemuva kokuba iMamelodi Sundowns ishaye iPirates ngo-3-1 maphakathi nesonto.

'UJingles' ukholelwa ukuthi iBafana ingenza kahle ngejubane likaQalinge.

"Angikaze ngibabone oQalinge noLorch benjena,” kusho uMosimane.

OLUNYE UDABA: Umqeqeshi wePirates uthi iseqophelweni eliphezulu iPolokwane City

"Bayakhombisa, ikakhulukazi uQalinge, ukuthi bafanele ukuthola ithuba nakwiBafana Bafana ngoba siyalidinga ijubane. Kodwa siyeza esakhe isikhathi.”

UMosimane ukholelwa ukuthi iBhakabhaka idlala ibhola elihle ngaphansi kukaMilutin Sredojevic nomsizi wakhe uRhulani Mokwena.

UMokwena wayesebenza ngaphansi kwesandla sikaMosimane kwiDowns ngaphambi kokuba ajoyine iPirates.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-28°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-25°C Drizzle. Morning clouds. Warm. Bloem: 10-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Rain showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 15-22°C Scattered showers. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...