UMosimane ukhala ngamathuba abawayekile

2017-03-15 09:32

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi ufuna abadlali bakhe babebukhali kakhulu uma bebhekene namapali kulandela ukubambana ngo-0-0 bebhekene nePolokwane City emdlalweni we-Absa Premiership ngoLwesibili ebusuku.

AmaBrazilian ahlulwe ukusebenzisa amathuba amaningi, ikakhulukazi ngesiwombe sokuqala, nokusho ukuthi asedlale imidlalo emithathu yeligi ngaphandle kokuwina.

"Yini kodwa-ke esingayenza? Ingqalasizinda ikhona, sihlangene, sidlala kahle, kodwa okubalulekile ukuthi kumele sishaye amagoli. Sihlulwe amathuba amaninig hhe? Besilokhu sishweba. Kunzima uma wehluleka ukushaya amagoli,” kusho uMosimane ngemuva komdllao.

OLUNYE UDABA: Singase sibuye isithenjwa seDowns

"Kunzima, bebepake ibhasi emuva, yini ongayenza belokhu behleli emuva?

Uthe ukwehluleka ukushaya amagoli kwenze abadlali bakhe bagcina sebetatazela ngoba kulindeleke bawine ngaso sonke isikhathi.

- KickOff.com

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...