UModise uqinisekise ukuthi uzoyishiya iSundowns

2017-04-10 11:00

Cape Town – Isihlabani somdlali weMamelodi Sundowns, uTeko Modise, usekuqinisekisile ukuthi uzobashiya labo mpetha be-Absa Premiership ekupheleni kwale sizini, ngaphambi kokuba athathe umhlalaphansi eminyakeni emibili ezayo.

UModise uthathwa njengabanye babadlali abanethalente elikhulu abagijima esiswini nasebeke badlala esigabeni sePSL, kanti phakathi kwamaqembu aseke agijima kuwo wenza ezibukwayo, kubalwa iSupersport United, i-Orlando Pirates kanye namaBrazilians, nalapho esedlale khona imidlalo engu-251 kumasizini angu-11 edlule.

Kodwa-ke noma kunjalo, lo mdlali osedlalele iNingizimu Afrika izikhathi ezingu-51 usekuthole kunzima ukuba yingxenye yeqembu lokuqala ngaphansi kukamqeqeshi uPitso Mosimane kumasizini amabili edlule nosekwenze wanquma ukufuna amadlelo aluhlaza kwelinye iqembu njengoba eseneminyaka engu-34 ubudalala.

OLUNYE UDABA: Umdlali uthi akayibambele gqubu iChiefs

“Inkontileka yami neSundowns iyaphela kule sizini, sengibasebenzele ngamalengiso futhi sengiwine izinto eziningi, kodwa ngibheke inselelo entsha,” usho kunjalo kuSunSport.

Ube esegcizelela ngokuthi uzothatha umhlalaphansi eminyakeni embalwa ezayo.

“Ngizothatha umhlalaphansi ebholeni kumasizini amabili ukuze ngigxile ebhizinisini lami. Ibhola selithathe isikhathi esiningi sami, kodwa ngikholwa ukuthi angeke ngilahleke ebholeni ngoba ngifuna ukubuyisela emphakathini ngebhola.”

Lo mdlali uthi iSundowns kuzomele ikuqonde ukuhamba kwakhe ukuthi akusikhona okwamagqubu, wathi futhi yize noma engumdlali obizayo kodwa uzimisele ngokuhola imali encane.

“Ngisenayo intshisekelo yebhola futhi ngijabula ukuthola esinye isikhathi sokudlala.”

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Sunny. Cool. Pta: 3-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -2-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 7-16°C Sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...