UMkhwanazi uphika eyabamyamanisa nePirates

2017-12-01 14:00

Cape Town - Umdlali wasemuva kuBidvest Wits uBuhle Mkhwanazi kulindeleke ukuba elule inkontileka yakhe naleli qembu, ngokusho kwalowo obhekelele izindaba zakhe.

Lo mdlali owayegijima kumaTuks usebuyele ejokeni kulandela ukuhlala isikhathi eside engabonakali enkundleni ngenxa yokulimala.

Kulindeleke ukuba abonakale enkundleni uma ezakhe sezidlala owamanqamu weTelkom Knockout ngoMgqibelo neBloemfontein Celtic ePlrincess Magogo Stadium.

Sekube nokuhlawumbisela okuningi okuyamanisa uMkhwanazi ne-Orlando Pirates, kepha lowo obhekelele umsebenzi wakhe uPaul Mitchell uthe ngamampunge lawo njengoba lo mdlali ezibophezele kumaClever Boys.

OLUNYE UDABA: Isidaluliwe imali efunwa uPienaar uma ebuyela ku-PSL

"Angazi lutho ngokuthi uMkhwanazi uya kwiPirates. Akukho muntu oke waxhumana nami mayelana nodaba olunjalo. IWits nayo futhi ayikaze ingitshele lutho," kusho uMitchell etshela iThe Star.

"Lo mfana usakuthokozele ukudlala kwiWits. Bamnakekela ngendlela efanele futhi usanenkontileka neWits ezodonsa la masizini ambalwa ezayo. Ngesonto elizayo ngizohlangana neziphathimandla zeWits ukudingida inkontileka entsha.

"Uhleli kahle kuleli qembu futhi akazimisele ngokuya kwenye ikilabhu yakuleli kulesi sigaba akuso njengamanje ngokomsebenzi."


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...