UMkhandlu waseKapa uzwakalise ukushaqeka ngencwadi kaBenni

2017-12-01 19:33

Johannesburg - UMkhandlu waseKapa uphikile ukuthi ubeka eqhulwini ibhola lombhoxo kanye nekhilikithi uma kuqhathaniswa nebhola likanobhutshuzwayo, ngesikhathi uphendula incwadi ebibhalwe ngumqeqeshi weCape Town City FC, uBenni McCarthy.

Incwadi evulelekile kaMcCarthy ishicilelwe ngoLwesine ngoba ekhala ngomkhandlu ngokungalinaki ibhola lezinyawo kwaholela ekutheni iCity iphoqeleke ukudlala umdlalo wayo wasekhaya eThekwini idlala neMaritzburg United koweligi ngoLwesibili, kubika iSowetanLive.

UMcCarthy uthi lokhu kungenxa yokuthi iCape Town Stadium ibingavulelekile ukuba bangayisebenzisa. Lokhu kudalwe wukuthi kuzodlalwa umlenze wesibili weWorld Rugby Sevens ngempelasonto ezayo.

Enkundleni yase-Athlone akudlaleki ngenxa yesomiso kanti neNewlands Rugby Stadium yatshela umkhandlu ukuthi nayo izama ukulungisa le nkundla.

OLUNYE UDABA: Angikavuthwa ngokwenele ukuqeqesha iBafana – Benni

UStuart Diamond‚ oyilungu lekomidi lomkhandlu ngaphansi kwe-Assets and facilities management‚ uthe "bashaqekile" ngobekuqukethwe yincwadi ebhalwe nguMcCarthy.

UDiamond uthi okumshaqe kakhulu ukuthi kungani uMcCarthy ebone kukuhle ukuba abhale le ncwadi ekubeni benayo inombolo yakhe yocingo abebengamthinta kuyo uma benezikhalazo.

Kule ncwadi uMcCarthy ubekhala ngokunganakwa kweCity kanjalo nebhola lezinyawo kulo mkhandlu, waveza nokuthi uguquko luhamba kancane.

"Indaba yebhola eKapa ishaywa indiva, kepha uma kunemishado noma imicimbi yangasese inkundla ilunga ngokushesha. Uma kunemidlalo yebhola lombhoxo, inkundla iyalungiswa ngokushesha. Ake kuthiwe kuza ibhola lezinyawo kule nkundla, kubekwa izaba," kufundeka incwadi kaMcCarthy.

Thola incwadi ephelele lapha.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...