UMicho uthi ukuthanda yikho okuzokwenza iPirates iphumelele

2018-01-29 19:25

Cape Town - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic usencome ukuzwana nokwethembana okukhona kule kilabhu wathi ukholelwa ekutheni kunomthelela omuhle ekuqinisekiseni ukuthi bayaphumelela kuyona yonke imiqhudelwano.

U'Micho' ubethokozile ngomdlandla otshengiswe ngezakhe ngoMgqibelo zishaya ngo-2-0 iPlatinum Stars eRoyal Bafokeng Stadium. Igoli lokuqala likaJustin Shonga yilo eliqinisekise ukuthi amaBucs ahamba phambili, kwathi isipikili sokugcina sashayelelwa nguThembinkosi Lorch.

AmaBhakabhaka abukeka ehanjelwa kahle yizinto kulo nyaka njengoba esenqobe imidlalo emithathu kwathi owodwa yadlala ngokulingana kuwo emidlalweni emine yokuvula unyaka.

OLUNYE UDABA: UMicho uthi likhuphukile izinga lebhola elidlalwa kwi-Absa Premiership

Ukushaya kwePirates iDikwena kuholele ekutheni inyukele endaweni yesithathu kwilogi, kanti ihlukaniswe ngamaphuzu amahlanu neMamelodi Sundowns eqhwakele phezulu.

"Ngijabule kakhulu ngala maphuzu amathathu esiwatholile, abadlali basebenze kanzima kuleli sonto. Siwalungise wonke amaphutha esawenza ngesikhathi sidlala nePolokwane City," kusho uSredojevic.

"Besidlala neqembu elinohlonze futhi elinomqeqeshi owaziyo umsebenzi wakhe. Kunzima ukukholwa wukuthi lilwela ukuvika izembe. Lilelwa ukusuka kuleya ndawo, kepha nathi sinezinhlelo zethu.

"Le midlalo inzima kakhulu kanti uma ufuna ukuhlala emgqigqweni wokuthatha isicoco kumele uyinqobe yonke. Abadlali batshengise intshisekelo kusukela umdlalo uqala.

"Kunomuzwa omuhle ekilabhini. Siyathandana futhi siyalithanda nejezi lethu yingakho sifuna ukuzimisela senzele iqembu."


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...