UMicho nezizathu zokuhluleka kweBucs ukusebenzisa amathuba

2017-11-07 11:00

Cape Town - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic useveze ukuthi ukuhluleka kwezakhe ukusebenzisa amathuba kudalwa ukuthi abadlali bayatatazela ngezikhathini ezibucayi.

AmaBhakabhaka akhe amathuba amahle emidlalweni yawo emibili yokugcina edlala neMamelodi Sundowns nePolokwane City, kepha ukungakwazi ukuwasebenzisa ngendlela kuholele ekutheni lezi zinkunzi zaseSoweto zigcine zihlulwa kule midlalo.

Ngesikhathi iBucs idlala namaBrazilians koweligi, uThabo Qalinge  noThembinkosi Lorch yibo abadlisela iqembu kwathi emdlalweni wabo neRise and Shine koweTelkom Knockout abadlali abafana noMpho Makola noThamsanqa Gabuza nabo badlala ngomsebenzi.

OLUNYE UDABA: IPirates ithi uJonevret wehlulwe wumsebenzi

Umqeqeshi uMicho uthi yingakho ebona kumqoka ukuthi alungise le nkinga.

"Kukabili ngaphakathi kimi; ngiyaziqhenya ngabadlali ngoba ngiyababona ukuthi bayazama. Bayawadala amathuba kepha bayehluleka ukuwasebenzisa ngendlela.

"Bayakwazi ukwakha amathuba kepha bayehluleka ukuqedela umsebenzi abasuke bewuqalile ngenxa yokutatazela. Kumele sisebenze kanzima ekutheni bakwazi ukuzethemba bangatatazeli uma sebebhekene nepali," esho etshela izintatheli.

Lo mqeqeshi uthe ngeke abasole abadlali kulandela ukuthi bekhishwe emqhudelwaneni weTelkom Knockout bedlala nePolokwane, bahlulwa kumaphenathi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-30°C Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 17-26°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C More sun than clouds. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...