UMicho akangabazi nakancane ukuthi uMulenga uzoyiphakamisa iPirates

2018-04-06 16:03

Cape Town - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin 'Micho' Sredojevic ukholelwa ekutheni umgadli odabuka eZambia, u-Augustine Mulenga, angaliphakamisa leli qembu kulandela igoli eliyingcwenga alishaye bedlala neBloemfontein Celtic.

UMulenga ushaye igoli elihle ngoLwesithathu ezakhe ziguqisa ngo-2-1 iCeltic kowe-Absa Premiership, okuyigoli lakhe lokuqala kusukela ejoyine amaSea Robbers, esuka kwiZanaco.

Ekhuluma ngemuva kokunqoba lo mdlalo obeke iPirates ethubeni elihle lokuthatha isicoco se-PSL, njengoba ilandela iMamelodi Sundowns, uMicho uthe: "Ngiyamjabulela kakhulu, uphendule amatafula ngengcwenga yegoli.

"Yiyo into ayizele lapha futhi ngiyazi ukuthi usengenza okukhulu. Ngokuhamba kwesikhathi leli goli lizoletha ukuzethemba kuyena bese eqhulula amanye emidlalweni ezayo.

OLUNYE UDABA: OwePirates uthi ujwayele ukushaya ingcwenga yamagoli

"Unamava awathola ekudlaleni kwiChampions League of Africa [neZanaco], afike nawo lapha. Sesisalelwe yimidlalo emihlanu nje kuphela yesizini, kuhle azizwele sengathi udlala kowamanqamu weChampions League.

"Akayekelwe athokozele lo muzwa, ingcindezi isale ngakithina yokuthi akwazi ukuzibonakalisa ukuthi usendaweni emfanele.

"La badlali abahlanu bokufika baseqophelweni eliphezulu kanti futhi benza umsebenzi oncomekayo."

IPirates, elandela ngemuva ngephuzu elilodwa iMamelodi Sundowns esesicongweni, izobhekana neSuperSport United eLucas Moripe Stadium ngomhlaka-11 Ephreli.

Umdlalo uzoqala ngo-19:30.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...