UMessi uzokwenza esinye isivumelwano neBarcelona

2017-07-05 11:00

Spain – Isikhwishikhwishi somdlali weBarcelona, uLionel Messi, kulindeleke asayine enye inkontileka ezomgcina kule kilabhu egijima kwi-La Liga kuze kube unyaka ka-2021.

Kuzoba nethuba lokuthi iphinde ivuselelwe ngomunye unyaka owodwa uma isifika ekugcineni, ngokwemithombo yezindaba eSpain kanye naseBritain.

Lo mdlali osewine indondo yeBallon d'Or amahlandla amahlanu usebe kwiBarcelona cishe iminyaka engamashumi amabili, njengoba aqala ezinhlakeni zaleli kilabhu zokuthuthukiswa kwentsha ukuze agcine esengomunye wabadlali asebebe nempumelelo enkulu emhlabeni wonke futhi abaziwayo.

OLUNYE UDABA:Sishumpulwe ikhanda isichuse sikaMessi

Lo mdlali ophinde adlalele iqembu lesizwe e-Argentina kulindeleke ukuthi asayine ngokusemthethweni isivumelwano uma ngabe ebuyela kule kilabhu ezoziqeqesha ngaphambi kokuba kuqale isizini kanti kubikwa nokuthi imali yokumkhulula kule kilabhu isinyuke yaze yafinyelela ku-300 million euros ($340.65 million).

Lo mdlali ongomunye wabadlali abakhulu ebholeni noneminyaka engu-30 ubudala, uyena ohamba phambili ngokushaya amagoli kule kilabhu kanye nasezweni.

Useshaya ngenqwaba yezicoco okubalwa kuzo isicoco seligi yaseSpain amahlandla angu-8 kanye neChampions League amahlandla amane neBarcelona. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 7-24°C Sunny. Mild. Bloem: 0-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...