Umengameli weCAF akethukile ngokuphonselwa inselelo

2017-02-22 12:31

Johannesburg - UMengameli wenhlangano eyengamele ibhola lezinyawo e-Afrika, (CAF), u-Issa Hayatou, uthi uyasihlonipha isinqumo sika-Ahmad Ahmad sokungenela ukhetho lokuhola le nhlangano, oluzoba ngenyanga ezayo e-Ethiopia.

Lokhu kungemuva kokuba i-COSAFA iphakamise u-Ahmad waseMadagascar njengomuntu efuna angenele ukhetho lokuhola i-CAF.

Isinqumo sithathwe emhlanganweni we-COSAFA obuseGoli ngempelasonto edlule.

Umengameli wenhlangano yebhola eMadagascar usezwakalisile vele ukuthi uzimisele ngokuphonsela inselelo uHayatou owathatha izintambo ngo-1988.

OLUNYE UDABA: Umengameli weFIFA uvakashele iSAFA

Ekhuluma ngemuva kokwethulwa kweCAF Super Cup eTshwane ngoMgqibelo, uHayatou – ofuna ihlandla lika-8 – ubonakale engakhathazekile ngenselelo ka-Ahmed ngaphambi kokhetho.

"Uma ethathe isinqumo sokungenela ukhetho kusho ukuthi ucabanga ukuthi usemathubeni,” kusho uHayatou.

UHayatou uthe akukho okwehlukile azokwenza ngaphambi kokhetho.

-KickOff.com

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...