Umdlalo womkhaya wehlukile - Umqeqeshi wePolokwane City

2017-03-03 14:00

Johannesburg - Umqeqeshi wePolokwane City uLuc Eymael akanandaba kakhulu nendlela edlala kahle ngayo okwamanje iBaroka njengoba kubhekwe emdlalweni womkhaya baseLimpopo ozoba ngeSonto ngambama ePeter Mokaba Stadium.

Nakuba iCity isethubeni elihle lokuqeda ku-top 8 kule sizini, izimbangi zayo zizithola zisemsileni kule sizini yokuqala ku-PSL.

IBakgaga isidlale imidlalo engu-14 ingawini, kanti ingenelwe amagoli angu-8 emidlalweni emibili edlule ngaphansi kukaKgoloko Thobejane osanda kubuyiselwa kwesokuqeqesha.

U-Eymael kodwa ukuqonda kahle ukubaluleka kokuwina umdlalo womkhaya.

OLUNYE UDABA: Ukuwina kuphela okungasisindisa ezembeni - Umqeqeshi

"Kuzomele siqaphele kakhulu, ungayibuka indlela edlala ngayo iBaroka kodwa umdlalo womkhaya ungumdlalo womkhaya. Ngakho izinto ziyehluka kakhulu kowomkhaya,” kusho u-Eymael etshela iKickOff.com.

"Izinto zenzeka ngokwehlukile kukokwejwayelekile futhi sizobe silwela ukukhonya esifundazweni.”

La maqembu ngesikhathi etholene phezu phambilini umdlalo waphela ngo-2-2.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-29°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 16-28°C a few tstorms. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-27°C Heavy rain. Breaks of sun late. Warm. PE: 14-19°C Passing showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...