Umdlalo wePirates neWits uzokhonjiswa kumabonakude

2018-04-19 17:59

Cape Town - Lowo oyinhloko yezokuxhumana kwiPremier Soccer League, uLuxolo September, useqinisekisile ukuthi umdlalo we-Orlando Pirates we-Absa Premiership ezowudlala neBidvest Wits ngoLwesithathu, mhlaka-25 Ephreli, uzokhonjiswa kumabonakude.

Lezi zindaba ziza ngemuva kokuthi ikomidi eliqondisa izigwegwe ku-PSL ngasekuqaleni kwesonto lifake iPirates unswinyo lokuthi umdlalo wale kilabhu ozobanjelwa e-Orlando Stadium uzodlalwa ngaphandle kwezihlwele.

Lokhu kungemuva kokuthi iPirates ilahlwe yicala mayelana nokuziphatha kwabalandeli eLoftus Versfeld Stadium ngoFebhuwari wonyaka odlule ngesikhathi iBhakabhaka lithelwa isibhaxu sika-6-0 yiMamelodi Sundowns.

OLUNYE UDABA: Bazobuyiselwa imali yabo abalandeli bePirates kulandela unsiwnyo lwe-PSL

Njengoba lolu nswinyo luzoqala ukusebenza ngoLwesithathu ebusuku eGoli, bekubukeka sengathi abalandeli bePirates ngeke balithole ithuba lokubona ezabo zizama ukuvala igebe phakathi kwazo neDowns emjahweni wesicoco seligi.

Ekhuluma neKickOff, uSeptember uthe: "Lo mdlalo yize uzodlalwa ngaphandle kwezihlwele kodwa uzokhonjiswa kumabonakude, kanti nabezindaba bazovunyelwa ukungena enkundleni."

IDowns nayo izobe idlala ngalobo busuku neMaritzburg United eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...