Umdlali wodumo ushiye iqembu kuzalwa izingane zakhe ezingamawele

2017-06-29 12:30

Cape Town – Intandokazi yomdlali webhola, uCristiano Ronaldo, useshiye umqhudelwano weConfederations Cup eRussia ukuze ezojoyina izingane zakhe ezimbili zabafana ezingamawele nezizalwe ngaphambi kokuba kuqale umqhudelwano.

URonaldo usho lokhu ekhasini lakhe lakuFacebook ngemuva kokuthi iqembu lakhe lesizwe, iPortugal, libhaxatshulwe yiChile emdlalweni owandulela owamanqamu. “Ngijabule kakhulu ngokuthi ngokwamukela emhlabeni izingane zami okukuqala.”

Ngokwemibiko, laba fanyana abangamawele bazalwe ngohlelo olwaziwa nge-surrogate eMelika. Kulolu hlelo kukhishwa iqanda kowesifazane ozoba ngumama wengane bese kuhlanganiswa nesidoda kowesilisa ozoba ngubaba wengane maqede kufakwe kowesifazane okunguyena ozothwala (ozokhulelwa) ingane.

OLUNYE UDABA: Umdlali wodumo usebizelwe enkantolo ngezinsolo zokubalekela intela

Kwenzeka lokhu nje kuvele kunemibiko yokuthi intombi yalesi sihlabani somdlali esineminyaka engu-32 ubudala nayo ivele isinezinyanga ezinhlanu ikhulelwe ingane yentombazane.

Amahlebezi okuzithwala kwale ntokazi asabalala ngemuva kwe-post eyayifakwe ku-Instagram neyadluliswa uRonaldo nalapho ebonakala ephulula isisu sentombi.

IPortugal idliwe sekukhahlelwa amaphenathi ngemuva kokubambana ngo-0-0, kanti izodlala umdlalo wayo weqembu elizoba sendaweni yesithathu ngaphandle kwesethenjwa sayo futhi esiphinde sibe ngukaputeni weqembu. Lowo mdlalo uzodlalwa ngeSonto eMoscow, nalapho bezodlala khona neGermany noma neMexico.

URonaldo uthi “angeke aze akukhohlwe” ukuqonda okukhonjiswe abaphathi beqembu lePortugal.

IPortuguese Football Federation ithi uRonaldo wabelane ngalezi zindaba zokuzalwa ngaphambi komqhudelwano, futhi manje usekhululiwe ukuze “ezogcina ebone izingane zakhe”.

Umndeni kaRonaldo uhlanganisa labo ‘wele’ ababili kanye nendodana yakhe eneminyaka eyisikhombisa ubudala neqanjwe ngaye, uCristiano Jr.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...