Umdlali weWits usayine inkontileka nezinkunzi zaseGibhithe

2017-09-08 09:32

Johannesburg - Kubikwa ukuthi lowo obengumdlali weBidvest Wits, uPhakamani Mahlambi, usengowe-Al Ahly ngokugcwele ngemuva kokusayina inkontileka nalezi zinkunzi zaseGibhethe.

Iwindi lokuthengwa kwabdlali eGibhithe lizovalwa ngomhlaka 14 Septhemba, kodwa elokuthengwa kwabadlali bangaphandle livalwe ngomhlaka 7 Septhemba.

UMahlambi amabombo uwabhekise eCairo ebusuku ngoLwesithathu eyohlolwa isimo sempilo ngaphambi kokuphothulwa kwesivumelwano, ngemuva kokuba iWits yamukele u-$1.3-million (R16.7-million) obubekwe etafuleni ama-Red Devils.

OLUNYE UDABA: Uzophindwa umdlalo weBafana neSenegal

Lo mdlali oneminyaka engu-19 ubudala usayine inkontileka yeminyaka emine nompetha baseGibhithe, waba ngumdlali wokuqala wakuleli ukuyodlala kuleliya lizwe.

Lesi sivumelwano silandela ukuba umgadli waseGibhithe u-Amr Gamal ejoyine iWits esuka kwi-Al Ahly, ngesivumelwano sokumbolekisa isikhathi esingangonyaka owodwa.

- KickOff.com

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 17-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 17-30°C Showers late. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 20-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...