Umdlali wePSL uphika eyokusayina kwiPirates nakwiWits ngesikhathi esisodwa

2017-06-30 07:00

Cape Town – Lowo owayengumdlali wasemuva weFree State Stars, uThato Tlhone, useziphendulele kulandela imibiko yokuthi usayine izinkontileka (pre-contracts) namaqembu amabili okuyi-Bidvest Wits kanye ne-Orlando Pirates.

UTlhone ufike eGoli ngoLwesithathu lapho eyoqala khona ikusasa lakhe neWits futhi uzoqala ukuziqeqesha nalabo mpetha bePSL kanye neMTN8 kusasa.

Lo mdlali ongowokudabuka eMafikeng uyakugcizelela ukuthi akazi ukuthi avela kuphi la mahlebezi amyamanisa nePirates.

OLUNYE UDABA:Ompetha beligi basayinise umdlali weBafana

“Ngingumdlali weBidvest Wits,” uTlhone utshele iKickOff.com, ehamba emazwini e-CEO, yamaClever Boys, uJose Ferreira.

“Angazi ukuthi lokhu kuqagula kuqhamuka kuphi nokuthi ubani obhala lezi zindaba zokuthi ngasayina nePirates. Njengoba ngikutshela ukuthi ngingumdlali weBidvest Wits futhi ngibheke phambili ukuqala ukuqeqesha nekilabhu kusasa.”

UThlone uthi uzizwa ehloniphekile ukujoyina ezikaGavin Hunt futhi ujabulela nokuthi angase athole ithuba lokudlala kumqhudelwano weChampions League.

“Ngizizwa ngihloniphekile ngokujoyina iqembu elinentshisekelo njengeWits elasanda kuwina isicoco seligi,” kusho lo mdlali egcizelela ngokuthi ubheke phambili ukusiza leli qembu liphumelele ngesizini ezayo. 


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C More sun than clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: -2-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-19°C Showers late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-16°C Partly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...