Umdlali weChiefs ubonga uKomphela ngempumelelo yakhe

2018-02-02 19:21

Cape Town - Umdlali weKaizer Chiefs uDaniel Cardoso usebonge umqeqeshi wale kilabhu, uSteve Komphela, ngendima ayidlalile ngendawo akuyo njengamanje kwezebhola.

Yingaphansi kwesandla sikaKomphela kwiFree State Stars uCardoso lapho athola khona ithuba lokuzibonakalisa kwi-Absa Premiership. 

Ngaphambi kwalokho, wehluleka wancama ezama inhlanhla emazingeni aphansi kwiJomo Cosmos, i-Orlando Pirates neBidvest Wits.

Lo mdlali uthi kwase kusele kancane ukuthi alidube ibhola ngesikhathi ubaba wakhe emncenga ukuba aphinde azame inhlanhla futhi, kulokhu kwiFree State Stars.

OLUNYE UDABA: Umdlali weChiefs uzobolekiswa kwiMaritzburg

UKomphela wahlabeka umxhwele wabe esenikeza lo mdlali, 28, ithuba lokudlalela i-PSL ngesizini ka-2012/13, uCardoso wadlala imidlalo engu-24 yeligi. "Nguye owangicabela indlela," kusho uCardoso etshela i-website yaMakhosi.

"Ukube wayengekho uKomphela ngabe angikho la engikhona manje."

Waphinde wahlangana nalo mqemqeshi kwiChiefs ngoJulayi 2015 kanti yize ehlushwa wukulimala, lo mdlali ubukeka evutha engabaselwe kule sizini.

UCardoso uphinde wabonga umqeqeshi weSuperSport United u-Eric Tinkler, ngokudlala indima enkulu empumelelweni yakhe, kanjalo noBradley Carnell, owayedlalela iChiefs.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C a few tstorms. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...