Umdlali we-PSL ushonelwe ngumkakhe engozini yemoto

2016-03-10 16:03

Johannesburg – Isitobha sePlatinum Stars, uThabiso Semenya, ushonelwe ngunkosikazi wakhe engozini yemoto eyenzeke ngoLwesithathu ebusuku eRustenburg, kumemezela iqembu ngoLwesine.

Iqembu lithi lo mdlali, obehamba nomkakhe beya eRoyal Bafokeng Stadium beyobuka umdlalo weqembu neKaizer Chiefs, “uthole imihuzuko kanti usalashelwa ukwethuka ekhaya.”

OLUNYE UDABA: Omunye umdlali we-PSL obandakanyeke engozini yemoto

“Ngebhadi unkosikazi kaSemenya ushonile kule ngozi,” kusho iqembu esitatimendeni.

“Sishaqeke kakhulu sithi umndeni wawududuzeke,” kusho isikhulu seStars uSenzo Mazingiza.

“Iqembu lizophinde likhiphe eminye imininingwane ngokuhamba kwesikhathi, okwamanje siyacela kukhulekelwe uSemenya nomndeni wakhe.”

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 13-21°C Morning clouds. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 19-24°C Tstorms early. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...