Umdlali uxwayisa iBafana ngokuzethemba okweqile

2017-06-12 09:32

Johannesburg - Nakuba evuma ukuthi iBafana Bafana bekuyifanele ukushaya iNigeria, uPercy Tau ukholelwa ukuthi iqembu lesizwe akumele lizethembe ngokweqile ngoba kusasekuseni kakhulu.

INingizimu Afrika iyiqale ngegiya eliphezulu imidlalo yokuhlungela i-Africa Cup of Nations yango-2019 njengoba yehlule amaSuper Eagles eNigeria ngo-2-0, yaqopha umlando njengoba bekungokuqala yehlula leli zwe emdlalweni obalulekile.

Kanti njengoba izincomo ngendlela abadlale ngayo zilokhu zingenile, lo mdlali uthi zibafanele izincomo, kodwa akumele bazikhohlise ngokuthi konke sikuhamba kahle.

OLUNYE UDABA: Kugwetshwe umdlali webhola ngokudlwengula umkakhe

"Asifuni ukujabula ngokweqile size sizikhohlise ngoba nakhu sishaye iNigeria,” ucashunwe yi-TMG Sport esho kanje.

Uthi kodwa nakuba kunjalo, izincomo zona zibafanele.  “Sisebenze ngokuzikhandla ukuze siwine futhi siyajabula ukuthi sishaye iNigeria.”

Uphinde wathi sekuyisikhathi sokuba bathole ukuhlonishwa njengeNingizimu Afrika.

IBafana izolibhekisa eRustenburg ngaphambi komdlalo wayo wobugani neZambia eMoruleng Stadium ngoLwesibili.

- Times Live

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...