Umdlali uthi akayibambele gqubu iChiefs

2017-04-08 12:11

Johannesburg – Lowo owayedlalela iKaizer Chiefs, uPhilani Cele, ukholwa wukuthi isipiliyoni asithola ngemuva kokuchitha isikhathi nalezi zinkunzi zaseSoweto simsiza kakhulu kuThanda Royal Zulu.

UCele, owadlala umdlalo wakhe wokuqala edlubhe ezeChiefs ne-University of Pretoria ngo-2013, ungomunye wabadlali abangu-15 abathululwa amaGlamour Boys ekupheleni kwesizini eyedlule.

Lo mdlali odabuka KwaMashu wazama inhlanhla emaqenjini aKwaZulu-Natal ngaphambi kokuzitholela ikhaya kuThanda ngoJanuwari.

OLUNYE UDABA: IChiefs idlale inovalo lokungcofwa ngabalandeli

"Ngicabanga ukuthi uma udlalela amaqembu amakhulu njengeChiefs kulindeleka ukuthi uhlale useqophelweni eliphezulu,” kusho uCele etshela iKickOff..com.

"Ngangingalitholi ijezi kuChiefs kanti kwaba yisinqumo esihle ukuthi bangidedele. Iqembu engidlala kulo manje liyangeseka kakhulu, kuyisibusiso ukulidlalela.

“Ngathola isipiliyoni ngesikhathi ngihamba kuChiefs, bangifundisa okuningi kakhulu ngebhola likanobhutshuzwayo.

“Angeke kwangisiza ngalutho ukubambela iChiefs amagqubu, kuyotshengisa ukuthi ngihlulwa ukubonga,” kulandisa uCele.

IThanda idlala kahle kakhulu ku-NFD kanti idinga amaphuzu angu-17 nje kuphela ukuthi aqinise amathuba okubuyela ku-Absa Premiership.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 18-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 18-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...