Umdlali ulindise iSundowns ngokulula inkontileka

2016-11-17 14:31

Cape Town – Namanje akakasisayini isivumelwano sokulula inkontileka yakhe umdlali weMamelodi Sundowns, uLeonardo Castro.

Kubikwa ukuhti leli qembu lasePitoli selibeke etafuleni isiphakamiso kulo mdlali nesizokwenza ukuthi ahlale kule kilabhu okungenani kuze kube unyaka ka-2020.

Ngokombiko weSoccer Laduma, lo mdlali ufuna ukunikeza umndeni wakhe esinye isikhathi ukuze ukwazi ukujwayela eNingizimu Afrika ngaphambi kokuthatha isinqumo sokugcina ngokuthi uzohlala yini kulabo mpetha beCAF Champions League.

OLUNYE UDABA: UPitso uthi iChiefs inamathuba angcono kuneSundowns

“Ikilabhu yaletha umndeni wakhe ezweni, okwakukhombisa izinhloso zabo zokuthi uCastro ahlale eChloorkop,” kusho umphathi walo mdlali, uJoao Betancourt.

“Uphinde waba nesiphakamiso esingcono esivela kwiSundowns ukulula inkontileka yakhe kuze kube unyaka ka-2020 kodwa uCastro ukhethe ukuyimisa kuze kube uyabona ukuthi umndeni wakhe usuyakwazi ukujwayela ezweni.”

Inkontileka yaCastro anayo njengamanje kulindeleke ukuba iphelelwe yisikhathi ngoJuni kunyaka wa-2018.

Khonamanjalo, iSundowns izobhekana nezinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ngoMgqibelo, eLoftus Versfeld, emdlalweni ozoqala ngo-15:30 ntambama. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Showers early. Scattered clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Showers early. Morning clouds. Warm. Bloem: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-23°C a few showers. Decreasing cloudiness. Mild. PE: 14-20°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...