Umdlali ugxeke isikwati seBafana esizodlala ne-Angola

2017-03-28 18:00

Cape Town – Umdlali weSuperSport United, uJeremy Brockie, useshiye angalazi ngesikwati seBafana Bafana esimenyezelwe yi-SAFA nesizobhekana ne-Angola emdlalweni wobungani ngoLwesibili, ikakhulukazi onozinti ababili ababaluliwe abazobe besebhentshini.

UBrockie, 29, ugxeke lesi sinqumo somqeqeshi obambe okwesikhashana, u-Owen da Gama, kanye nethimba lakhe labaqeqeshi, waphinde wazwakalisa nokuthuka kwakhe ngokungafakwa kukazakwabo kuSuperSport United, uThabo Mnyamane, kulesi sikwati.

OLUNYE UDABA: Kubanjwe umoya ngabadlali abane abalimele beBafana

Unozinti uDarren Keet uyena ozobe esemapalini, nalapho kulindeleke khona ukuba adedele uShu-Aib Walters weCape Town City maphakathi nomdlalo.

Kunokudideka ngokwengezwa kuka-Itumeleng Khune ebhentshini njengomunye wonozinti ekubeni uMnyamane engafakwanga.

UPhakamani Mahlambi, uLuther Singh kanye Diamond Thopola bangabanye babadlali abazodlala okukuqala eBuffalo City Stadium, e-East London.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:00.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 9-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 6-19°C Broken clouds. Mild. Bloem: 8-20°C Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 16-25°C Sunny. Mild. PE: 16-25°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...