Umdlali oneminyaka engu-50 ushaye igoli lokuwinisa

2017-03-13 14:16

Cape Town - UKazuyoshi Miura usebe umdlali webhola elikhokhelwayo omdala kunabo bonke ukuthi ashaye igoli eseneminyaka engu-50 ubudala ngemuva kokushayela iqembu lakhe igoli lokuwina nokube ukuphela kwalo njengoba ligcine liwine ngo-1-0 ngeSonto.

UMiura udlalela iqembu elidlala esigabeni i-second division, iYokohama FC, eJapan, kanti uphenduke iqhawe ngokushaya igoli okube ukuphela kwalo ngesikhathi ezakhe zishaya iThespa Kusatsu futhi ubejabule efile ngemuva komdlalo ngokuthi usakwazi ukubamba iqhaza.

“Ngijabule ngokubamba iqhaza ekuwineni,” kusho uMiura. “Ngihlale ngibheke ukushaya igoli kodwa ngibe nomuzwa omuhle ngomdlalo wanamuhla.”

OLUNYE UDABA: VIDEO: Abawuvali umlomo ngegoli likanozinti weBaroka FC

UMiura uphule irekhodi lesikhathi eside lalowo owayengumdlali weqembu lesizwe eNgilandi, uSir Stanley Mathews, ngemuva kokuhlanganisa iminyaka engu-50 azalwa ngomhlaka-26 kuFebhuwari nalapho ebe esedlala khona umdlalo wakhe ngeSonto eseneminyaka engu-50 kanye nezinsuku ezingu-14 ubudala.

Waqala ukudlala esigabeni sebhola elikhokhelwayo ngonyaka ka-1986 kanti kuyimanje usedlala isizini yakhe yesi-32 ebholeni elikhokhelwayo.

Ngaphambilini wake wadlalela amaqembu okubalwa kuwo iSantos yaseBrazil kanye neGenoa yase-Italy.

Ngaphezu kwalokho usedlalele iqembu lesizwe eJapan izikhathi ezingu-89, waphinde wavalela enethini amagoli angu-55.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...