UMcCarthy ukhala ngonondweba ngokungenzi kahle kwekilabhu yakhe

2017-11-26 13:25

Johannesburg- Umqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy usola onondweba ngokungenzi kahle kwekilabhu yakhe emidlalweni yakamuva ye-PSL.

Yonke imidlalo emihlanu edlalwe ngoMgqibelo iphele kungekho ofuna ukugoba uphondo.

ICity bekubukeka sengathi izokwehlulwa ngesikhathi ilandela ngemuva ngamagoli amabili kodwa yabuya, yagcina isidlala ngokulingana no-2-2.

OLUNYE UDABA: UMosimane usexolise inhliziyo ngokuhamba komdlali

Kuze kube manje ayikho ikilabhu osekucaca ukuthi ibaleka naso isicoco seligi.

UMcCarthy, oseke wathola ukujeziswa yi-PSL ngokugxeka onondweba uthi ukungenzi kahle konondweba kunomthelela emiphumelweni yabo emidlaweni ye-PSL.

“Ufuna iqiniso? Ukungenzi kahle konondweba, yikhona okwenza sidlale ngokulimgana,” kusho uMcCarthy, etshela izintatheli.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 10-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...